Kukho ngxenye yale noti engakhishwa noma idluliswe nganoma yiluphi uhlobo noma nganoma yiyiphi indlela ngaphandle kokuthola imvume edingekayo ngokufaka isicelo esibhaliwe.
Umthetho- 3: Umlingani noma abalingani, kanye nezizukulwane..
Okulandela ukungabikhona kwencwadi yokwaba ifa eNingizimu Afrika kubuswa Ngumthetho Wokulandela ukungabikhona kwencwadi yokwaba ifa wama-81 owaqala ukusebenza ngomhlaka 18 kuMashi 1988 futhi uphathelene nokuphela kokwabiwa kwefa (ngokuphelele noma ngokuyingxenye) ngalolo suku noma emva kosuku olufanele.
a Uma oshonile ehlulekile ukuhambisa ukuthi ifa lakhe kumele lihlukaniswe kanjani ukuya ngecwadi yamafa noma ikontileka yangenkathi kungakashadwa; noma b Lapho kuphumelelka khona ukwenza izifiso zoshonile ngenxa yokuthi izindlalifa, ngokwesibonelo, zihluleka ukuthola ifa noma zingenzaso isifiso sokuthatha ifa noma zishone ngaphambi kwesikhathi.
Kuyenzeka umuntu ashone ngokuphelele noma ngokuyingxenye ngokwencwadi yokwaba ifa. Isibonelo saloku okushiwo kukulapho umenzi wencwadi yefa ngokukhethekile enikeza ingxenye yefa kuncwadi yefa eqinisiwe, kodwa engabhekani nensalelo. Kulesi sehlakalo ingxenye enikeziwe ngokwencwadi yomthetho, izakuhlukanisa incwadi yokwaba amafa ngokulandela nangokubheka noma yiziphi izimo eziqukethwe encwadini yamafa, bese kuthi insalela yefa izakuhlukaniswa ngokulandela imiyalo yokulandela ukungabikhona kwencwadi yokwaba amafa.
Ngaphambi kwesinqumo ku- Bhe Nabanye v Umantshi waseKhayelitsha Nabanye, Ino Yecala -49/03 eyangeniswa Yinkantolo Yomthethosisekelo ngomhlaka-15 ku-Okthobha ka-2004 imiyalo yokulandela ukungabikhona kwencwadi yokwaba ifa kwakungasesthenziswa kubantu abansundu abashona kungenancwadi yefa futhi beshade ngomthetho wamasiko. Isinqumo sikaBhe kuye kwaguqula lokhu, kumanje amafa abo bonke abantu, kunganakwa uhlanga noma isiko, oshona kungekho ncwadi yokwaba amafa, uzakubuswa ngumthetho olandela ukungabikhona kwencwadi yokwaba amafa njengoba ubekwe Kumthetho Olandela ukungabikhona kwencwadi yokwaba amafa, wama-81 ka-1987.
Ngaphambi kokuxoxisana ngemiyalo yokulandela ukungabikho kwencwadi yokwaba ifa kunesidingo sokuchaza imiqondo ethile eqavile ukuze uqonde imiyalo.
Ngenhloso yezincazelo ezizolandela, i-stirpes isho ingane ephilayo yoshonile noma ingane eshone ngaphambilini elilelwa yisizukulwane. Ingane eshone ngaphambilini yoshonile enesizukulwane esisodwa noma eziningi eziphilayo zenza kuphela i-stirpes esisodwa.
Ubummeleli benzeka uma okufanele nokungenzeka, uma indawo yendlalifa engakwazi noma engafisis ukuthola ifa, ithathwa ngesisodwa noma eziningi zezizukulwane.
Esibonelweni esingenhla, u-D no F bazomela ingane eshone ngaphambilini yoshonile.
Ngokulandela isigaba so- (f) Somthetho Wokulandelayo Uma Kungekho Ncwadi Yokwaba Ifa, ka-1987 ngendlela oguqulwe ngayo yisinqumo sikaBhe, ingxenye yengane ibalwa ngokuhlukaniosa inani lemali lefa ngenamab elingana nenamba yama-stirpes omuntu oshonile (okusho ukuthi inani lezingane zoshonile ezisekhona noma ezishone ngaphambi kwakhe abasaphila kuzizukulwane) kanye nenali labalingani abasaphila boshonileyo.
Asithini inani eliyimali lefa loshonile lingama-R500 000 futhi enezingane ezi- abaphilayo kuye kaye namakhosikazi akhe amabili (ama-2) asemthethweni.
R100 000. Ngakho-ke ingxenye yengane kuzakuba ngama-R100 000.
Ngokulandela isigaba so- 1 (d) Somthetho Wokulandelayo Uma Kungekho Ncwadi Yokwaba Ifa, Izinga lobuhlobo ngaphakathi kwezihlobo zegazi zoshonile noshonile kungahlukaniswa amaqembu amabili, okungukuthi izinga lobuhlobo kukuhlobana okuqondile kanye nezinga lobuhlobo kukuhlobama okubhangqeneyo. Kukuhlobana okuqondile, izinga lobuhlobo lilingana nenani lezizukulwane ngaphakathi kokhokho noshonile noma isizukulwane noshonile (njengendlela okume ngayo).
Ekuhlobaneni okubhangqiwe, izinga lokuhlobana lilingana nenani lezizukulwane ngaphakathi kokuhlobana kwegazi kanye nokhokho oseduzane ohlobene nabo bonke, kanye nenani lezizukulwane ngaphakathi kokhokho opnje noshonile.
Ukunikezela kwefa ngokulandela umthetho Wokulandela Ukungabikho Kwencwadi Yokwaba Ifa wama-81 ka-1987 ungafingwa ube yimithetho eysishiyagalolunye.
Uma oshonile eshoiya umlingani noma abalingani, kodwa kungekho sizukulwane - umlingani noma abalingani yizindla mafa zizodwa. Kusehlakalo lapho oshonile kungumyeni kukubumbana ngokwesiko okungaphezu kokukodwa, abalingani abaphilayo bazothola ifa ngamashezi alinganayo.
Umlingani ophilayo nguyena kuphela indlalifa yokungabikhona kwencwadi yokwaba ifa, kunganakwa ukuthi inani lamafa liyimalini.
Uma ngabe abalingani babeshade ngokuhlanganyela impahla, umlingani ophilayo uzopthola ingxenye eyodwa ngokulandela ukuthi bashade ngokuhlanganyela impahla kanye nenye ingxenye ngokulandela isigaba so-1 (a) Somthetho wama-81 ka-1987.
Uma ngabe abalingani babeshade ngokungahlanganyeli impahla, umlingani ophilayo uzothola lonke ifa ngokulandela isigaba so-1 (a) Somthetho wama-81 ka-1987.
A & B = abazali boshonile; E = oshonile; C kanye D = abalingani bomshado bosiko boshonile.
Ngokulandela isigaba so-1 (a) Somthetho wama-81 ka-1987, njengoba uguqulwe yinkantolo yomthethosisekelo kusinqumo sika-Bhe kanye Nabanye v uMantshi waseKhayelitsha kanye Nabanye, abalingani ababili boshonile (u-C no-D) bazothola ifa ngokulinganayo, kungafakwa noma yiliphi elinye ilungu lomndeni. Uma kwenzeka oshonile ehlonishwa ngabafazi abangaphezu kwababili bosiko futhi engashiyi sizukulwane, ngaloko -ke bonke abafazi bazothola ifa ngokulinganayo.
Uma ngabe oshonile akashiyi umlingani kodwa ushiya izizuklulwane - izizukulwane zithola ifa njenge-stirpes ngasinye futhi ukumelelwa kuyavunywa.
Izingane zaloyo oshonile, u-D, E no-F zizothola ifa ngamashezi alinganayo. Ngenxa yokuthi u-E ushone ngaphambi kwesikhathi, izizukulwane zakhe, u-J no-K bazommelela bathole ifa lakhe ngamashezi alinganayo.
Bonke abantwana boshonile banelungelo lokuthola ifa. Akwenzi mehluko noma ngabe bebelethwe emshadwenii wokuba yisakhamuzi, wesiko noma ngabe betholiwe noma babelethwa ngaphandle komshado.
Ngokulandela isigaba so-1 Somthetho Wokulandelayo Ngokungabi khona Kwencwadi yefa ubuvezandlebe abutheleleli amandla bobuhlobo begazi bokuthola ifa elingenayo incwadi elivela kubuhlobo begazi.
Uma eshonile eshiya umlingani noma abalingani kanye nezizukulwane - umlingani noma abalingani bathola ingxenye enkulu engama-R125 000 umlingani ngamunye noma isheya yezingane, kanye nezizukulwane izothola insalela, uma ngabe noma yisiphi i-stirpes ngasinye futhi ukumelelwa kuvumelekile.
Uma ngabe inani lingaphansi kwama-R125 000, umlingani ophilayo, kusibonelo esingenhla, u(S) uzothola ifa lonke, kungafakwa izingane kanye namanye mamalungu omndeni.
Uma ngabe oshonile wayengumyeni oshade abafazi abaningi futhi kuphila bafazi abangaphezu koyedwa, futhi inani lefa lingaphansi kwama-R125 000 bese abalingani abaphilayo bazakuhlukaniselana inani elisele ngokulinganayo ngaphakathi kwabo bangafaki izingane kanye namanye amalungu omndeni.
Uma ngabe imali esele yokwabelana kwamafa ingaphezu kwama R125 000, umlingani uzothola ama-R125 000 noma ishezi lengane, okuyiyiphi enkulu, bese kuthi imali esalayo ihlukaniswe ngaphakathi kwezizukulwane zoshonile ku-stirpes ngasinye futhio nokumelelwa kuvumelekile. Uma kusetshenziswa kusibonelo esingenhla, kuzawusho ukuthi u-F, G kanye no-D bazothola imali esele. Ngenxa yokuthi u-D ungoshone ngaphambilini, ishezi lakhe lizawuhlukaniswa libe ngamashezi alingananyo linikeze izizukulwane zakhe, u-H kanye no-I. Uma ngabe u-D angazange ashiye noma yiziphi izizukulwane, ngaloko-ke amashezi akhe azakuhlukaniswa ngaphakathi kwezinye izingane zoshonile, okusho u-F kanye no-G.
Uma ngabe ibhalansi kufa lingaphezu kwama-R 125 000 bese oshonile ephilelwa ngumlingani ongaphezu koyedwa (loku kufaneleke kuphela uma oshonile wayengumyeni ongaphakathi komshado wosiko), ngakho-ke umlingani ngamunye uzokuba nelungelo eliyishezi lengane noma ama-R125 000 noma yikuphi okukhulu kakhulu, ngaphambi kokuba ibhalansi ihlukaniswe ngaphakathi kwezizukulwane zoshonile.
Khumbula ukuthi uma abalingani babeshade ngokuhlanganyela impahla, umlingani ophilayo uzothola ingxenye eyodwa ngenxa yokushada ngokuhlanganyela impahla kanye nenye ingxenye ngokulandela isigaba so-1 (a) Somthetho wama-81 ka-1987.
Abantu abashade ngaphansi komthetho wenkolo yama-Mosilemu namaHindu kumele bathathwe njengabashadile futhi banelungelo lokuthola ifa labalingani babo abashonile ngokulandela Umthetho wokulandela Ukungabikhona Kwencwadi yokwaba Ifa. Lo mthetho usebenza kuphela lapho kushadwe unkosikazi oyedwa. Banelungelo futhi lokubiza ukugcinwa kubalingani babo abashonile. Bheka u-Danilels v Campbell & Others ka-2004 SA 331 (CC).
Uma ngabe oshonile akashiyi mlingani noma izizukulwane kodwa eshiya bobabili abazali abasaphila - abazali bazothola amashezi alinganayo.
Esibonelweni esingenhla, u-A kanye no-=B, abazali boshonile, bazothola ifa ngamashezi alinganayo, kungafakwa ezinye izihlobo zoshonile.
Qaphela ukuthi akwenzi mehluko noma bazali boshonile beshadile, behlukene noma bengazange bashade nhlobo.
Ngenhloso yokulandela ukungabikhona kwencwadi yokwaba ifa, abazali boshonile ngabazali bakhe begazi (ngaphandle kokuthi oshonile wayetholwe ngomunye umuntu ongebona abazali bakhe begazi) kanye nabazali bakhe bokumthola. Qaphela ukuthi uma ngabe oshonile wayetholiwe abazali bakhe begazi bathathwa njengabangebona abazali bakhe.
Abazali abasha nabasingabazali akubona abazali boshonile ngenhloso yokulandela ukungabikhona kwencwadi yokwaba ifa.
A = umzali woshonile; B= umzali oshone ngaphambilini; C= ubhuti woshonile; D =ubhuti/usisi ongesiye owegazi; E= oshonile; S = umlingani oshone ngaphambilini.
Kulesi sibopnelo, u-A umzali woshonile ophilayo uzakuthola inxenye eyodwa uma eshona kubhalansi yokuhlekaniselana, bese ubhuti woshonile, u-C kanye nobhuti/usisi ongeyena owegazi u-D, bazothola enye ingxenye ngamashezi alinganayo. U-C no D bathola ishezi eliyingxenye okwakuzokwqenzeka litholwe ngumzali oshonile uma ngabe wayesaphila.
Uma oshonile angashiyi umlingani noma izizukulwane kodwa eshiya umzali oyedwa ophilayo, kube ukuthi umzali oshonile akashiyanga noma yisiphi isizukulwana - umzali ophilayo uyindlalifa eyedwana.
Kulesi sibonelo u-A, umzali woshonile ophilayo, uyindlalifa yena yedwana.
Uma ngabe oshonile engashiyi mlingani noma isizukulwane, ngenkathi abazali bakhe bobabili beshiye izizukulwane - izizukulwane zabazali abashopne ngaphambilini zizothola amashezi ayingxenye azawube athola ngumzali ngamunye ngokuqondene naye.
Ngenxa yokuthi oshonile akashiyanga mlingani, izizukulwane noma abazali, ifa lizakuhlukaniswa libe yizingxenye ezimbili - ingxenye "kamama" nengxenye "kababa". Ingxenye ngayionye yomzali ihlukaniselwa izizukulwane zakhe. Kusibonelo esingenhla ishezi lika-A lizakuhlukaniselwa u-C okunguyena ngane yakhe kuphela ephilayo, bese kuthi ishezi lika-B lizawuhlukaniselwana ngaphakathui kuka C no D amashezi alinganayo. U-C uzakuthola ifa kuA kanye naku-B, kodwa u-D ulithola ku-B kuphela.
Uma ngabe oshonile akashiyi mlingani, noma isizukulwane noma abazali, kube ukuthi oyedwa kuphela wabazali bakhe oshone ngaphambilini ushiye izizukulwane - izizukulwane zomzali oshiye izizukulwane yibona zindlalifa bebodwana.
Esibonelweni esingenhla bobabili abazali bashonile kanti futhi ngumzali oyedwa kuphela, ikakhulukazi u-B, oshiye isizukulwane. U-D, ongubhuti ongesiye owegazi woshonileyo uzothola lonke ifa.
Uma oshonile engashiyi umlingani noma isizukulwane noma abazali noma izizukulwane zabazali- isihlobo esiseduzane segazi sithola ifa.
E$sibonelweni esingenhla, u-F, umalume woshonile, nguyena oyisihlobo sakhe segazi esiseduzane, ngoba ehlobene noshonile ezingeni lesithathu, ngakho-ke uzothola ifa eliyibhalansi yonke yokunikezwa. U-G uhlobene no-E ezingeni lesine bese u-H uhlobene no- E ezingeni lesihlanu. Bobabili u-G no-H abasoze bathole lifa ku-E.
Umuntu angashona kungekho ncwadi yefa ngaphandle kokushiya noma yimuphi umuntu ozokwazi ukuthola ifa kuye. Ngokulandela umthetho wethu wokujwayelekile, kulezi zehlakalo Umbuso wabutha lonke ifa njenge-bona vacantia. Lolu daba lulunganiswa ngesigaba sama-35 kanye nesama-92 Somthetho Wokuphatha Amafa wama-66 ka-1965. Inqubo wukuthi izindlalifa zokungenancwadi yamafa azaziwa nalapho izindlalifa zefa elingenancwadi zingekho, ababi mafa baguqula incwadi yamafa amafa abe wukheshi emva kokukhokha izikweletu zoshonile, bese bekhokha insalela Esikhwameni Somlondolozi. Uma ngabe akukho muntu okwazi ukuveza ubufakazi ukuthi banesibizo emalini njengezindlalifa ezingekho encwadinin yamafa zoshonile, ngakho-ke kuzokuthi emva kokudlula kweminyaka engama-30 emva kokukhokhwa kwemali Kusikhwama Somlondolozi, leyo mali izawunikezwa umbuso.
Inkosi Yenkantolo Enkulu ishicilela imininingwane ephathelene nemali engenancwadi yefa ekhokhelwe Kusikhwama Somlondolozi ngezikhathi ezithile kuzindaba ezingajwayelekile ZeGazethi KaHulumeni ukuze abantu ukuze abantu abanomnako bazokwazi ukufaka isibizo njengezindlalifa zefa elingenancwadi yamafa zomuntu oshonile ophathekayo.
Izigaba so-1 neso-1 zangeniswa Njengomthetho Wokulandela Ukungabikhona Kwencwadi Yokwaba Amafa wama-81 ka-1987 nguMthetho Oguquliwe Wokulandela Ukungabikhona Kwencwadi Yokwaba Amafa wama-43 ka-1992.
Isigaba 1 sinikeza ukuthi: " Uma ngabe isizukulwane soshonile, kungafakwa ingane encane noma isizukulwane esigula ngengqondo, loyo okuzothi ngokuhlanganyela nomlingani ophilayo woshonile, unelungelo lenzuzo ukusuka kumafa angenancwadi yokwehlukaniswa ususa ilungel;o lakhe lokuthola inzuzo enjena, inzuzo enjena izawunikezwa umlingani ophilayo."
b Indlalifa efuna ukwethula ilungelu layo lokuthola inzuzo akunele kube yingane esencane noma umuntu ogula ngengqondo.
c Indlalifa kanye nomlingani ophilayo kumele bobabili babe nenzuzo ngokuphathelene nemithetho yokulandela ukungabikhona kwencwadi yokwaba ifa.
d Umlingani ophilayo uzothola ifa lendlalifa elahlwayo.
Isigaba so 1 : " Uma ngabe umuntu ekhishwa ekubeni yindlalifa yefa elingencwadi yokwabiwa yoshonile, noma elahla ilungelo lendlalifa enjena, noma yiyiphi inzuzo okungenzeka ukuthi wayengayithola uma wayengakhishwanga noma engalahlanga ngokunjalo ilungelo lakhe, uzawukwenza kuye ngemibandela yesigatshana se , enze sengathi uye washona ngokushesha ngaphambi kokushona komufi kanti uma kufanelekile, kube sengathi akazange akhishwe."
a Indlalifa ayikhawuliswa kusizukulwane soshonile b Indlalifa kumele ikhishwe noma ilahle izinzuzo zayo eyayizokuba nelungelo lazo ngokuhambisana nomathetho wokulandela ukungabikhona kwencwadi yokwaba ifa.
c Uma indlalifa iyekiswa noma ilahla inzuzo, kuzothathwa ukuthi ushone ngaphambi kokushona koshonile, futhi umuntu olandelayo oemgqeni wobuhlobo obuqondile uzakuthola ifa, ngaphandle uma umbandela wesigatshana sesi6 ufanelekile.
a Akukho umlingani ophilayo othola inzuzo yokungabi nencwadi yokwaba ifa. Indlalifa, ekhishiwe noma elahla inzuzo, eshiya izizukulwane.
b Umlingani ophilayo uyindlalifa uma ehlanganyela nezinye izindlalifa okhishiwe noma olahla inzuzo ngokulandela umthetho wokulandela ukungabikhona kwencwadi yokwaba amafa.
